Uhlelo lwebhizinisi nesu lokusebenza kwemisebenzi esikhathini esizayo kwethulwa kuNgqongqoshe Wezokuthutha futhi kuvunywa nguye ngonyaka ngonyaka, ngendlela yokubonisa ngohlelo lokusebenza(i-business plan) oluphinde lwafakwa imininingwane.
I-SAMSA yenza imisebenzi yomthetho kanye neyobumeleli, esikhundleni sikaNgqongqoshe Wezokuthutha kanye Nomnyango Wezokuthutha Kazwelonke (i-NDOT). I-SAMSA ngakho-ke yenza imisebenzi ekhethiwe elevelini lokwenza, bese kuthi i-NDOT isebenze elevelini yamasu, okuyilapho ithuthukisa khona izinqubomgomo zokuthutha kanye nenkombandlela yamasu kumaziko. I-SAMSA ihlala njalo ixhumana nababambi qhaza ezimbonini zezolwandle, ngokusebenzisa amakomiti ahlukene ezasolwandle kanye futhi nangokubamba imihlangano yokuxhumana kanye nezinye izindlela ezingezona ezisemthethweni.
Inhloso ye-SAMSA ukuqinisekisa ukuphepha kwempahla nempilo olwandle, ukuvikela nokulwisa ukungcola okuhlasela indawo yasolwandle yemikhumbi, kanye nokuthuthukisa umnako wezolwandle weRiphabhuliki. Ngaphakathi kweminye yemisebenzi, kodwa kube kungenamkhawulo kulena, kukhona ukuhlolwa kwemikhumbi, izisetshenziswa kanye nempahla, ukuqinisekisa ukuthi umkhumbi kanye nezikebhe zihlonyiswe ngokulandela amazinga abekiwe. I-SAMSA iphinda futhi ihambise iphinde inikeze iziqu okudingeka ukuthi umuntu abe nazo uma esebenza emikhunjini.
Ikhomishana Yamalungelo esintu yaseNingizimu Afrika kumele yakhe umhlahlandlela oqukethe ulwazi olunje njengokuvumelekile okungadingwa yinoma yimuphi umuntu ofisa ukusebenzisa noma yiyiphi ilungelo elicatshangwe Ngumthetho.
Izimemo ezifunyenwe zokuyovakasha/ukuxhumana namanye amazwe/izinhlangano/okungaba ngamaklayenti kanye nomphakathi.
Akukho isaziso esishicilelwe ngokulandela Umthetho.
I-SAMSA iphatha ukuvikela ukungcoliswa kanye namandla okuphendulela, ngokuhlanganyela Nomnyango Wezindaba Zemvelo Nezokuvakasha.
Ukwethulwa kwanoma yiyiphi indaba kumele kuqondiswe ku-CEO ye-SAMSA.
Uma ngabe isicelo sokufinyelela ulwazi senqatshelwa noma sithathwa ngokulandela Isigaba sama-22, 26 noma sama-29 Somthetho, ocelayo angafaka isikhalo sangaphakathi ngokuphikisana nesinqumo se-Ofisa Yolwazi.
Omunye umuntu angakwazi naye ukufaka isikhalo sangaphakathi ngokuphikisana nesinqumo se-Ofisa Yolwazi, ukunikeza isicelo ukufinyelela ulwazi.
Isikhalo kumele sifakwe efomini Elijotshelelwe ku-2, bese uyifaka ku-Ofisa Yolwazi kuleli kheli lokuposa, inombolo yefeksi noma ikheli le-i-meyili elishiwo ku-2 ngenhla, ezinsukwini ezingama-60 emva kokuthola isaziso sokwenqaba.
Nekheli lokuposa noma inombolo yefeksi yokhalazayo.
Uma okhalazayo engayikhokhile inkokhelo yesikhalo (uma kufanele), isinqumo ngesikhalo sangaphakathi singahlehliswa, kuze kube yileso sikhathi inkokhelo ekhokhwa ngaso.
I-SAMSA izokuthi ezinsukwini ezingama-30 ekutholeni isikhalo, ithathe isinqumo sokuthi ingakuqinisekisa yini okukhalazwa ngako noma ifake isinqumo esisha endaweni yaso, ngokweseka ngokubekwe Ngumthetho.
Uma i-SAMSA yehluleka ukunikeza okhalazayo isaziso sesinqumo sesikhalo ezinsukwini ezingama-30 zokufaka isicelo, i-SAMSA kuzakuthathwa ukuthi isichithile isikhalazo sangaphakathi.
Ofake isicelo noma omunye umuntu angakwazi kuphela ukufaka isicelo enkantolo ukuze abonelelwe ngokufanele, emva kokuthi ofake isicelo noma omunye umuntu eqede wonke amasu okukhalaza angaphakathi maqondana nesinqumo se-Ofisa Yolwazi.
Uma ofake isicelo noma omunye umuntu ezwiswe ubuhlungu yisinqumo se-Ofisa Yolwazi noma izicelo zabo zokukhalaza kwangaphakathi kungaphumelelanga, angakwazi ukufaka isicelo enkantolo ukuze abonelelwe ngokufanele, ezinsukwini ezingama-30 emva kokwethulwa kwesinqumo sesikhalo.
Inkantolo Enamandla omthetho ngaphezu kwalesi sicelo Yinkantolo Enkulu noma enye inkantolo enezinga lesikhundla elifana naleli.
Ofaka isicelo kumele alandele izidingo zenqubo eziqukethwe Umthetho, ophathelene nesicelo sokufinyelela irekhodi.
Ofake isicelo kumele agcwalise ifomu Elijotshelelwe ku-1, bese elingenisa, ngokuhlanganisa ngenkokhelo yesicelo kanye nediphozi (uma kufanelekile), ku-Ofisa Yolwazi Ekhelini lokuposa, Inombolo Yefeksi noma ikheli le-e meyili elishiwo ku-2 ngenhla.
Nekheli lokuposa noma inombolo yefeksi yofaka isicelo.
Uma isicelo senzelwa omunye umuntu, ngakho-ke ofaka isicelo kumele anikeze ubufakazi besikhundla enze lesi sicelo ekuso.
Ofaka isicelo uzokwaziswa ngokubhalelwa ukuthi unikeziwe noma wenqatshelwe ukufinyelela. Uma ofaka isicelo edinga izizathu zesinqumo ngenye indlela, kumele asho indlela kanye nemininingwane okungenzeka idingeka.
Uma ngabe umuntu engakwazi ukugcwalisa ifomu ngenxa yokuthi engafundile noma ekhubazekile, umuntu onjena angafaka isicelo ngomlomo.
Ocelayo kumela akhokhe inkokhelo yokucela ngaphambi kokwenzeka kwanoma yiyiphi inqubo.
Nenkokhelo yokufinyelela, ebalwa ngokubheka izindleko zokuphinde kushicilelwe, ukufuna kanye nesikhathi sokulungisa, izindleko zesibizo kanye nezokuposa.
Uma isicelo sifunyanwa Yi-Ofisa Yolwazi, i-Ofisa enjena izokufuna ngesaziso ukuthi ofaka isicelo, ngaphandle kofaka isicelo, ukuthi akhokhe inkokhelo ebekiwe yokucela, ngaphambi kokuqhubeka kulungiswe isicelo.
Ofake isicelo onikezwe imvume yokufinyelela irekhodi kumele akhokhe inkokhelo yokufinyelela yokufuna, nokuphinde kukhishwe, ukulungiselelwa kanye nezikhathi esidingekayo ukufinyelela samahora abekiwe okufuna nokulungiselela amarekhodi ukuze avezwe, kufakwa nokwenza ukulungiselelwa ukuze yenziwe ukuba itholakale efomini lokucela.
Uma ngabe ukufunwa kwerekhodi sekwenziwe nokulungiselelwa kwerekhodi ezovezwa, kufakwa noma yikuphi ukuhlelwa kokuthi itholakale ngohlobo ecelwe ngalo, kudinga amahora edlula abekwe emthethweni ngale nhloso, i-Ofisa Yolwazi izokwazisa ofake isicelo ukuba akhokhe, njengediphozithi, ingxenye ebekiwe yenkokhelo yokufinyelela okuzodingeka ukuba ikhokhwe uma isicelo sivunyiwe.
I-Ofisa Yolwazi izawugodla irekhodi kuze kube yisikhathi lapho ofake isicelo ekhokha izinkokhelo njengoba zibekiwe.
Uma ngabe idiphozithi ikhokhiwe ngokuphathelene nesicelo sokufinyelela esenqatshelwe, ngalokho i-Ofisa Yolwazi ephathekayo izawubuyisela idiphozithi kofake isicelo.
I-SAMSA izawuthi ezinsukwini ezingama-30 emva kokuthola isicelo, ithathe isinqumo sokuthi iyasivuma noma iyasenqaba isicelo, ngokweseka ngokubekwe Ngumthetho.
Isikhathi esiyizinsuku ezingama-30 ngaphakathi kokuthi i-SAMSA kumele ithathe isinqumo sokunikeza noma sokwenqabela isicelo singongezwa ukuya esikhathini esinye ngokulandela Isigaba sama-26 Somthetho.
